Inhloso yomthetho wokuthola ulwazi we-Promotion of Access to Information Act, ukuqinisekisa ukuthi abantu bakwazi ukusebenzisa ilungelo labo elikumthethosisekelo lokufinyelela ulwazi olukumbuso, kanye nolwazi olukomunye umuntu, oludingekayo ukuze umuntu akwazi ukusebenzisa noma ukuvikela noma yiliphi ilungelo.
Imbangela eshushuzela ukuqikelela ilungelo lokufinyelela ulwazi, wukuqinisekisa usiko lokuthi izinto zenziwe ngendlela esobala kanye nokuchaza okwenziwayo kuhulumeni kanye nakwizinhlangano zangasese, kanye nokuqhubela phambili ukuthi sibe nesizwe lapho khona abantu baseNingizimu Afrika bakwazi ukufinyelela ulwazi, ukuze bakwazi ukusebenzisa noma ukuvikela onke amalungelo abo.
Ngabe yiluphi ulwazi oluqukethwe ngaboMnyango wezoBulungisa lapho khona noma yiyiphi inhlangano kawonkewonke, engathola kulo?
Ungathola onke amadokhumende kanye/noma amarekhodi akuMnyango, izikhulu zawo, noma enye inhlangano kahulumeni. Akunandaba noma lolo lwazi luqale nini ukubakhona.
Amarekhodi omuntu akuMnyango noma inhlangano kahulumeni.
Ulwazi ngabanye abantu besithathu noma amarekhodi kuphela ngokuthola imvume yomuntu ofanele wesithathu, ikakhulukazi uma amadokhumende enolwazi oluyimfihlo noma ulwazi lwangasese.
Ulwazi olungabekelwanga zihibe ngokulandela umthetho wokutholakala kolwazi we-Promotion of Access to Information Act. Ukufinyelela ulwazi kufakelwe izihibe ngaphansi kwezimo ezithize, isibonelo lapho kucelwa irekhodi ukuze lisetshenziswe kwinqubo yezinkantolo zamacala obugebengu noma angawona awobugebengu noma lapho sekuqala inqubo yamacala obugebengu noma angawona awobugebengu, lapho khona ulwazi olungeke lwasetshenziswa enkantolo yomthetho, ikakhulukazi uma inkantolo icabanga ukuthi ingalimaza inqubo yezobulungiswa.
Amarekhodi ekhabhinethi noma amakomidi awo.
Amarekhodi aqondene nokusebenza kwezinkantolo namajaji ezinkantolo.
Ulwazi olutholakala kwizinkundla zesipesheli ezinquma ngezimpikiswano nemibango ethile , ezisungulwe ngokulandela umthetho.
Nolwazi oluphethwe ngumuntu siqu oyilunga lephalamende noma wesishayamthetho sesifundazwe.
Gcwalisa futhi ufakele i-Form A: Isicelo sokuthola irekhodi kuhulumeni . Ungalithola ehhovisi loMnyango wezoBulungisa.
Uma ulwazi olufunayo lungatholakali mahhala, kuzomele ulukhokhele . Kungafanela ukuthi ukhokhele imali yokusesha ukutholakala kolwazi.
Isikhulu esiyisekela lokutholakala kolwazi uDepurty Information Officer, kumele aphendule kungakapheli izinsuku ezingu-30 zokwamukela isicelo sakho.
Uma isikhulu solwazi sikunqabela imvume yokuthola ulwazi olucelile, ungafakela i-aphili kuNgqongqoshe wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.
Isikhulu solwazi noma isikhulu esiyisekela lokutholakala kolwazi, sizokusiza ngale nqubo.
Uma ulwazi olucelile lungeko kumnyango kaHulumeni, kodwa likusikhungo sikahulumeni, uSekela sikhulu solwazi, uzodlulisela isicelo sakho kuSikhulu soLwazi kuleso sikhungo sikahulumeni kungakedluli izinsuku ezingu-14.
Isikhungo esifanele sikahlumeni kumele siphendule esicelweni sakho ngesikhathi esifanele. Uzokwaziswa uma lokhu kunjalo.
Izimali ezikhokhelwa amarekhodi kwisikhungo sikahulumeni, zinjengoba kubekiwe kuma-Regulations akhona manje oMthetho.
